Johannesburg - Osaziwayo bakuleli sebenqume ukukhansela ukuya konandisa kwamanye amazwe kulandela ukuqubuka kodlame olubhekiswe kwabokufika eNingizimu Afrika.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uJeff Radebe, othe lokhu kuhlaselwa kwabokufika kuzowulimaza kakhulu umnotho wakuleli, kubika i-IOL.
URadebe ubekhuluma nezintatheli ngoLwesihlanu.
OLUNYE UDABA: Amaphoyisa ahlakaze abokufika nabakuleli eThekwini
Ngokusho kukaRadebe, iBig Nuz noCassper Nyovest, banqume ukungasalubhada eZimbabwe njengoba bekulindeleke ukuthi bayonandisa khona.
Umzwilili uKelly Khumalo naye unqume ukungasaya konandisa eLondon.
“Umthelela walolu dlame mkhulu kakhulu kanti futhi uyawulimaza umntoho wezwe nokusebenzisana kwethu namanye amazwe.”