Abadidiyeli befilimu bathi izelamani zivume ukushutha iziqembu ezimbalwa, uPaul ashona zingakashuthwa.
UPaul, 40,
washona esehlakalweni sengozi yomgwaqo ngenyanga kaNovemba, kwaphoqeleka ukuthi kumiswe ukuthwetshulwa kwefilimu.
'Sihlanganile sabona kukuhle ukuthi sicele izelamani zakwaWalker ukuthi zisilekelele ekuqhubekeni nefilimu iFast & Furious 7. Sizosebenzisana noCaleb noCody," kusho omunye wabadidiyeli.
Umthombo uthi kwaqalwa kwacelwa uCody, okunguye ofana kakhulu nomfowabo.
Kulindeleke ukuthi izelamani zishuthwe zibuqamamana, kuze kungeke kuhlale obala ukuthi akusiye uPaul.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.