"Ngiyaxolisa ukukhuluma kabi kodwa ngokubona kwami abantu abamnyama yibo abaphehla udlame,” ebhala ngoLwesine.
Abaphendulile babe sebesola uHofmeyr ngokucwasa ngokwebala nokubhebhethekisa into engekho abanye baze bathi uyisiphukuphuku.
Kudingeke ukuthi abuyisele imoto abexhaswe ngayo ngemuva kokukhuluma kanje.
OLUNYE UDABA: USteve Hofmeyr uthi akuculwe iDie Stem endala
Intatheli uMandy de Waal, ube naye esenikela kwiThought Leader, wachaza ukuthi uHofmeyr empeleni akaphilile kahle ekhanda.
"Odokotela bezengqondo eGroote Schuur, okuyisibhedlela esihamba phambili eKapa, bayamangala ukuthi uHofmeyr uphile kanjani iminyaka eminingi kangaka ngoba kusobala ukuthi akanangqondo,” kubhala uDe Waal.
Abanye abantu abaphawule ngalolu daba bebesho ukumudla bamfele uHofmeyr.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho