Share

Abe-BCCSA sebehlawulise iJacaranda FM

Johannesburg - IJacaranda FM isihlawuliswe u-R5 000 ngemuva kokuthi owethula uhlelo ekhulume ngesigameko sabantu abalala nezilwane, kusho abeBroadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA).

"Sesibone kufanele sibahlawulise ngo-R5 000 okumele ukhokhwe ngomhlaka-30 ku-Agasti noma ungakashayi," kusho uSihlalo wekhomishana uSolwazi uKobus van Rooyen.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba umlaleli waseNelspruit efake isikhalazo ngomethuli wohlelo uRon Olivier nokuthiwa wafunda imiyalezo ehlazayo yabalaleli emsebenzini abayenzayo,  ekufundeni kwakhe wabe esekhuluma kabi ngomlisa owathi wabamba umpheki ekhishini ezitika ngocansi nenkukhu.

Lesi sikhalazo safakwa ngenxa yokuthi kwakukhona izingane emotweni ngesikhathi ekhuluma.

"U-Olivier wenza lolu daba inhlekisa kodwa ngibona kungalungile ukwenza inhlekisa ngezimo ezinje emini njengoba uhlelo lulalelwa iwowonke umuntu."

Eqhuba ebhalela abekhomishana lowo owafaka isikhalazo wathi: "kwasekufanele ngichazele izingane ukuthi uthini lo methuli wohlelo uma esho kanje." 

Ofake lesi sikhalazo ubefuna lo methuli amiswe emsebenzini kuthi isiteshi sixolise emoyeni.

 UVan Rooyen ube esekhipha isinqumo sokuthi u-Olivier waba budedengu ngalolu daba.

 Kubikwe ukuthi u-Oliveir usesulile emsebenzini.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho  

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 503 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 717 votes
Vote
Rand - Dollar
18.90
+0.2%
Rand - Pound
23.86
+0.2%
Rand - Euro
20.37
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE