Miami - Kuzobanjwa umhlangano ukuze kwenziwe isinqumo mayelana nokuthi kumele yini uJustin Bieber ashushiswe ngokushayela ephuzile kanye nokwala ukuboshwa.
Umhlangano ozoba ngoLwesithathu eMiami kuhloswe ngawo ukuba abashushisi kanye nabameli baBieber baphume nesinqumo bese betshela ijaji ukuthi bakulungele yini ukuqala kwecala, noma kuzokwenziwa isivumelwane.
Icala likaBieber, 20, okwamanje kusahlelwe ukuba liqale ngoJulayi 28.
UBieber waboshwa ngoJanuwari 23 eMiami Beach, kanti amaphoyisa athi wayedlala umjaho wezimoto nabangani bakhe emgwaqeni womphakathi.
Ngesikhathi efuthiswa, kuhlolwa izinga lotshwala emzimbeni, kwatholakala ukuthi lingaphansi kuka-0.02 ovunyelwe kodwa ngesikhathi sekuhlolwa umchamo kwavela ukuthi wayebheme insangu edle nephilisi lokubamba ukwethuka ngokweqile.
UBieber waphinde wathweswa icala lokushayela ngezincwadi
esezidlulelwe yisikhathi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.