Durban - Angena engenile amazwi enduduzo ngokushona kwenkakha yomlingisi wodumo lomdlalo wamahlaya Emzini Wezinsizwa uRoland Mqwebu obedlala indawo kaMkhize.
UMqwebu ushone ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kokuxinwa ukugula isikhathi eside njengoba ebengena ephuma esibhedlela kulezi zinyanga ezedlule.
OLUNYE UDABA: Lihoxisiwe ebelibekwe uHotstix Mabuse
Indodakazi kaMqwebu u-Andile Mqwebu ukuqinisekisile ukushona kukayise njengoba eveze ukuthi nakuba ebesegule isikhathi eside kodwa bashaqekile ngokubehlele.
UMqwebu ushonele esibhedlela eneminyaka engu-74 ubudala kanti uzokhumbuleka ngokudlala indawo kaMkhize Emzini Wezinsizwa oyintandokazi kubantu abathanda imidlalo yamahlaya.
UMqwebu ushiye unkosikazi wakhe nezingane ezine.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho