Johannesburg - Intandokazi kamabonakude uBonang Matheba usolwa ngokujola nesihlabani somrepha u-AKA osanda kuhlukana nesithandwa sakhe esingunina wengane uDJ Zinhle.
Ngokubika kweTimeslive uBonang no-AKA babonakala ndawonye emcimbini wama-BET Awards kanti kubikwa ukuthi uBonanga wayelandelana nalo mrepha, ngokombiko weMove Magazine.
Kubikwa ukuthi labo saziwayo baphinde babonakala ndawonye eHilton Hotel eThekwini betetemuka emcimbini weDurban July njengoba baphinde bahamba ndawonye ngemuva kokuqeda ukushaya iziphuzo.
OLUNYE UDABA: Umlingisi ubhoboke ngokushiya kwakhe kuMuvhango
Omunye umthombo watshela leli phephabhuku ukuthi bobabili u-AKA noBonang abakufihli ukuthi kukhona okwenzekayo phakathi kwabo.
"Indlela ababukana ngayo nangendlela abenza ngayo izinto kwenza kucace ukuthi kukhona okwenzekayo phakathi phakathi kwabo,"kusho umthombo.
UBonang no-AKA abafunanga ukuphawula ngezinsolo zokujola kwabo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesithathu uZinhle no-AKA bakhipha isitatimende mayelana nokuhlukana kwabo njengoba bethembisa ukuthi bayohlala bengabazali abaqotho kwindodakazi yabo uKairo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
.