Cape Town - Umholi we-Economic Freedom Fighter uJulius Malema ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa nonkosikazi wakhe uMantoa, bezitika ngesidlo esikhethekile sezithandani, kubika iDrum.
Ufake isithombe siphelezelwa yivesi leBhayibheli elithi: “Othole umfazi usuke ethole into enhle futhi uthakaselelwa nguJehova.”
Abaningi baphawule ngokuthi bebengazi ukuthi uMalema unemfudumalo engaka ngesikhathi efaka lesi sithombe enkundleni yezokuxhumana u-Instagram.