London - Unobuhle uKatie Price, odume ngelikaJordan, uthi wathola umlayezo owawuvela ku-Oscar Pistorius, ngesikhathi kuqulwa icala lakhe lokubulala.
UPrice, 36, uthi wathuka woma ngesikhathi ethola umlayezo kuTwitter, ebhalelwe wuPistorius, ngesikhathi kuqulwa icala lokubulawa kwentombi yakhe uReeva Steenkamp.
Phambilini uPrice wabhala udaba ethi akamehluleli uPistorius, esho ngesikhathi kuqhubeka icala.
Utshele abezindabazeDaily Mirror wathi:
“Wangithumelea umlayezo, ngavele ngadideka. Wathi: "Ngiyabonga ukungeseka
kwakho."
UPistorius ugwetshwe iminyaka emihlanu ngecala lokubulala ngokungenhloso.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.