Johannesburg- Inhlangano ebusayo kuleli i-ANC isinxuse ukuba oNgqongqoshe, owezokuXhumana nowezemiSebenzi, bangenelele odabeni oluthinta abalingisi beGenerations abaxoshiwe.
Ngokubika kwe-Timeslive okhulumela le nhlangano uZizi Kodwa ukhiphe isitatimende ngoLwesibili esithi labo ngqongqoshe uFaith Muthambi noMildred Oliphant balusukumele lolu daba.
“Ungqongqoshe uMuthambi uzohlangana ne-SABC ukuze athole ulwazi olugcwele ngokuxoshwa kwalaba balingisi,” kusho isitatimende.
I-SABC imemezele ngoMsombuluko ukuxoshwa kwalaba balingisi abangu-16 kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku ku-SABC 1.
Ukuxoshwa kwalaba balingisi sekususe omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana abanye beseka abalingisi kanti abanye bekhala ngokuthi vele lo mdlalo ubusuphelelwe wushatini.
I-ANC ithe iyaziqhenya ngokuba nomthetho ovikela amalungelo ezisebenzi.
“Sinxusa ukuba lolu daba luxazululeke ngokushesha kulezi zinhlaka ezithintekayo futhi kuhloniphele nemisebenzi yabanye abantu,” kuphetha isitatimende.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho