Johannesburg - Amantombazane asemancane nabantu besifazane kumele bazazi bona ukuthi bangobani, bangazami ukuzenza abanye abantu abangesibo.
Lawa kube ngamazwi kaMiss World 2014, uRolene Strauss, 22, ngesikhathi etheleka esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo, ngoMgqibelo.
"Akumele ube yilokhu abantu abazama ukukwenza kona, yiba yilokhu oyikho wena ozaziyo ukuthi uyikho," kusho uStrauss.
INingizimu Afrika iphume ngobuningi bayo iyohlangabeza uStrauss, otheleke ngezithuba zawo-10: 00 ekuseni.
Kwagcina ngo-1974 ukuthi uMiss World aphume kuleli.
#WelcomeRolene Crowds arriving @ortambo_int @lead_sa pic.twitter.com/FUgWgcsomN
— Yusuf Abramjee (@Abramjee) December 20, 2014
Miss World 2014 Rolene Strauss #WelcomeRolene #MissWorld2014 http://t.co/t5JEmyLmBm @Official_MissSA @Official_MissSA pic.twitter.com/fKT0eK7PhZ
— DRUM Magazine (@DrumMagazine) December 20, 2014
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.