New York - UWillow Smith oyindodakazi yosaziwayo uWill no Jada Smith, kuthiwa izinyoka zakhe uzithanda kangangoba ulala nazo embhedeni.
UWillow, ongumculi, kuthiwa ayikho into ayithandisa okwezinyoka.
Ngokusho komthombo otshele abe-Us Magazine, unezinyoka ezingu-10 alala nazo embhedeni, lezi zinyoka azivalelwa, ziyazicanasela.
Umfowabo kaWillow, uJaden, 15, naye kuthiwa usezamuikele izinyoka zikadadewabo futhi akazixoshi uma zikhwela embhedeni wakhe.
UJaden kuthiwa ubiza izinyoka ngezintombi zakhe, azisonge nazo embhedeni.
Ngenyanga eyedlule, abazali bakaWillow baphenywa nguMnyango obhekele ezezingane ngemuva kokuthi kusabalale isithombe sakhe egonene nowesilisa, eqimbile.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.