UNicki Minaj uthi ungumuntu unobuthongo obunzima.
Lokhu ekusho akukholakalanga kodwa uthe esephakathi nezingxoxo nephephabhuku waqopha umlando walala izikhawu ezine, kubika abeMirror.
OLUNYE UDABA: Wenza 'amanga' uNick Minaj
Ekhuluma naleli phephabhuku i-GQ ubehluleka kwakuvula amehlo, owephephabhuku uTaffy Brodessor-Akner wabhala wathi: "Lolu daba luzobuye luqhutshekwe kahle," ikhanda belilokhu lingquphazela edoba, avuke kancane aphinde alale.
Kodwa maphakathi naleso sithongwana uNicki Minaj ukwazile ukukhuluma ngemininingwane yeculo lakhe i-Anaconda.
UNicki Minaj uthe: "Likhuluma ngabantu besilisa ababili ake abanobudlelwano nabo ngaphambilini ukuthi yini ababeyenza kahle nezinto ababemthengela zona nezinto ababetshela zona. Ngathi indaba emnandi."
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter