UJackie Chan wodumo lwamafilimu usexolisile emphakathini ngesenzo sendodana, uJaycee, nayo engumlingisi, sokuboshwa ngamacala athinta izidakamizwa.
UJackie kuthiwa ubhale kwi-blog wathi indodana yakhe kumele nakanjani ibhekane nengalo yomthetho.
UJaycee uboshwe ngoLwesine nobhululu wakhe waseTaiwan naye ongumlingisi uKia Ko.
Bobabili bazivumele ngokusebenzisa izidakamizwa kwaphinde kwtholakala insangu engango 100g emzini kaJaycee.
Ngo-2009 izwe iChina liqoke uJackie ukuba abe yinxusa lokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa kuleli lizwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho