Share

Inyuvesi inqamule ubudlelwano noBill Cosby

New York – Isikhungo semfundo ephakeme iNyuvesi yaseMassachusetts-Amherst isigqabule igoda lobudlelwano nosomahlaya uBill Cosby kulandela izinsolo zabesifazane abahlukene abamsola ngokubahlukumeza ngokocansi.

Okhulumela le nyuvesi utshele iBoston Globe uthi ngoLwesithathu izikhulu zayo zinxuse uCosby ukuba ashenxe esikhundleni sokuba ngomunye woSihlalo womkhankaso wayo wokuqoqa isikhwama semali elinganiselwa ku$300 million.

Kubikwa ukuthi lo somhlaya odume umhlaba wonke akazange asiphikise isinqumo sale nyuvesi nebala washenxa.

UCosby wathola iziqu zakhe zeMaster nezobudokotela kwezeMfundo kusona lesi sikhungo kanti yena nomkakhe sebeke basixhasa ngezizumbulu zemali.

OLUNYE UDABA: Usomahlaya uthi uReeva wazenza yena ngokumehlela

UMmeli Jikelele weMassahusetts uMartha Coakley uthumele incwadi kule nyuvesi eyinxusa ukuthi inqamule ubudlelwano noCosby.   

UCoakley uthe nakuba uCosby engalahlwa yinkantolo ngalezi zinsolo zokuhlukumeza ngokocansi abesifazane kodwa ukuthinteka kwegamalakhe kulezi zinsolo kuhambisa umyalezo ongemuhle kubantu.

Uqhube wathi lesi sikhungo sihamba phambili ekulweni nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nganoma yiluphi uhlobo.

Ummeli kaCosby uthe ikhasimende lakhe libhecwa ngobende inyama lingayidlanga ngoba abukho umfakazi bokushiwo yilaba besifazane abasola lo somahlaya.

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 731 votes
No! It's time to move on ...
33% - 366 votes
Vote
Rand - Dollar
18.98
+0.2%
Rand - Pound
23.81
-0.0%
Rand - Euro
20.40
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.7%
Platinum
926.10
+0.1%
Palladium
988.50
-0.2%
Gold
2,346.86
+0.6%
Silver
27.69
+1.0%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,031
+0.9%
All Share
74,929
+0.8%
Resource 10
62,800
+1.1%
Industrial 25
103,554
+1.0%
Financial 15
15,849
+0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE