Share

Isihlabani siphume sinyobozela sihhahhanyezwa esiteji

Port Elizabeth - Siphume sesinyobozela esiteji isihlabani somculo uNtando Bangani ngemuva kokuhhahhanyezwa abalandeli emcimbini kaMiss Amathole Hertage Festival eNyuvesi yaseFort Hare ku-Alice e-Eastern Cape.

Ngokubika kweDaily Sun lesi sihlabani se-Afro Pop sijwayele ukuhlanyisa abalandeli uma sinandisa ikakhulukazi abesifazane kwazise sicula kakhulu ngezingoma zothando kodwa ngempelasonto sihlangabezaneni nesimo esingasijwayele.  

UNtando ungomunye wabaculi abathandwa kakhulu kulo masipala waseMathole kwazise abalandeli bajwayela ukumamukela ngenkulu inhlokomo.

Kulo mcimbi ubeqashwe ukuzonandisa nabanye abaculi abadumile okubalwa kubo uNathi wodumo lukaNomvula, The Soli noSiphokazi, abashaye into ecokeme abalandeli bakhombisa ukubajabulela.

Kubikwa ukuthi abantu bakhombise ukungamjabuleli lo mculi njengoba abanye baze bakhala ngokuthi ubengazihlelele futhi bekubonakala ukuthi umqondo wakhe ukude kunalapho abenandisa khona.

OLUNYE UDABA: OweKwaito usaluphika olwe-speedpoint

Kuzo zonke izingoma abezicula ubengaziqedi kwazise abantu bebemfuna ephumile esiteji.

Ngokombiko abanye babantu abebekhona kulo mcimbi bazwakale sebememeza bethi "Singakubetha xa sithanda."

Umsakazi woMhlobo Wenene uBulelani Koyo utshele abalandeli ukuthi kube nobuhixihixi wezobuchwepheshe ngesikha uNtando enandisa yingakho engazwakalanga kahle.

NoNtando ukuqinisekisile ukuthi imishini yokunandisa ibingaxhunywanga ngendlela efanele ngesikhathi kunandisa yena.

"Ngizizwa ngidumele ngokwenzekile ngoba bekungeyona inkinga yami kodwa ibe kulabo abebengidlalela ama-CD ami.

Ngiyaxolisa kakhulu kubalandeli bami ngiyafisa ukubuyela emuva ngiyobathoba izinhliziyo."

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 53 votes
No! It's time to move on ...
36% - 30 votes
Vote
Rand - Dollar
19.06
+0.8%
Rand - Pound
23.86
+0.4%
Rand - Euro
20.45
+0.5%
Rand - Aus dollar
12.45
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+1.0%
Platinum
917.60
+0.6%
Palladium
1,011.50
+0.7%
Gold
2,325.52
+0.4%
Silver
27.40
+0.9%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,791
+0.3%
All Share
74,744
+0.3%
Resource 10
62,137
+2.8%
Industrial 25
103,215
-0.8%
Financial 15
15,874
+0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE