Durban - Lithembisa into yamehlo esezingeni lomhlaba iqembu lodumo iMafikizolo emcimbini ozoba seBotanical Gardens eThekwini obizwa ngeLake Picnic Concert.
Ngokubika kweDaily Sun leli qembu eselike lahlabana nenqwaba yezindondo elakhiwe ngamalungu uTheo Kgosinkwe noNhlanhla Nciza lizonandisa eThekwini ngomhlaka 18 ku-Okthoba kulo mcimbi oxhaswe ngabakwa Old Mutual.
UTheo utshele leli phephandaba ukuthi abantu abalindele okungaphezulu kwabakujwayele.
"Kithina zonke izinsuku zimayelana nokuthuthuka nokukhula ngakho umcimbi nomcimbi siqhamuka nokusha okuzobajabulisa.
Umculo weMafikizolo uyaziwa ngokuhlanganisa abancane nabadala ngakho kumele sihlale sisezingeni ngasosonke isikhathi,"kusho uTheo.
OLUNYE UDABA: OweKwaito usaluphika olwe-speedpoint
IMafikizolo ayikho mayelana nomculo kuphela kodwa ibye ihambisane nemfashini.
"Ngaphambi kokuthi sivule imilomo abantu bayajabula kakhulu ngenxa yokuchazeka yindlela esigqoke ngayo okukhombisa ngokusobala ukuthi sibahlonipha kangakanani," esho.
UBandile Mngoma wakwa-Old Mutual uthe:
"Le khonsathi ayikho mayelana nobumnandi kuphela kodwa ivula amathuba okukhuthaza abantu abasha baseMzansi nokuthi bayazi imvelaphi yabo.
Abantu kumele bafike nama-cooler box wabo, obhasikidi bama-picnic nezingubo ukuze bajabule ngendlela abayithandayo,"kusho uMngoma.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter