Doumbia - Sigwetshwe izinyanga ezingu-8 sibhadla ejele isilomo sebhola likanobhutshuzwayo saseMali uTongo Doumbia ngecala lokushayela 'sidakiwe futhi singenazo izincwadi, ngokusho kombiko ngoLwesibili.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala mancane kodwa amathuba okuthi angagcina engenile ejele njengoba iJaji liphakamise ukuthi aboshelwe ekhaya egadwe ngebhande likagesi.
UDoumbia owazalelwa eFrance kanti udlalela iqembu elizinze kulo leli lizwe iToulouse elidlala esigabeni esiphezulu seligi.
OLUNYE UDABA: Kutholakale iloli igcwele izidumbu zabafuduki
Utholwe enecala lokushayela edle amanzi amponjwana futhi engenazo nezincwadi zokushayela.
Uphinde waphucwa nemoto yakhe, wahlawuliswa nesamba semali elinganiselwa ku-$11, 300 (148 000).
Ngempelasonto eyedlule ushaye igoli ngesikhathi iqembu lakhe lidlala ngokulinga ngo: 1-1 neMonaco.
Lo mdlali nabeqembu lakhe abatholakalanga ukuze baphawule ngalolu daba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter