Share

Kugwetshwe unogada kaChris Brown ngelokushaya

New York – INkantolo ePhakeme yase-U.S igwebe unogada wesihlabani somculi waphesheya kwezilwandle ngamacala okushaya nokuhlukumeza.

Ngokombiko uChristopher Hollosy ongunogada kaChris Brown ugwetshwe izinsuku ezingu-90 ejele kodwa walengiselwa okuchaza ukuthi ngeke abhadle inqobo nje uma kuzophela unyaka engalenzanga icala elifanayo.

Isigwebo sakhe siphinde sanezelwa ngokuthi kumele enze umsebenzi womphakathi amahora angu-24.

OLUNYE UDABA: UChris Brown uphushe ngesihluku ozame ukumqabula

Kubikwa ukuthi uHollsy noBrown bashaya ngezibhakela umlandeli owabe efuna ukuna ngenkani ebhasini yalo mculi kanti lo mlandeli uyakuphika lokhu njengoba ethi wabe ezama ukuthathatha isithombe.

UBrown wawavuma amacala wagwetshwa wasichitha isikhathi sesigwebo sakhe kwathi ngakolunye uhlangothi uHollosy wawaphika la macala.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 938 votes
No! It's time to move on ...
33% - 455 votes
Vote
Rand - Dollar
18.81
+1.1%
Rand - Pound
23.51
+1.2%
Rand - Euro
20.12
+1.4%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.4%
Platinum
922.90
-0.3%
Palladium
960.50
-3.0%
Gold
2,338.19
+0.3%
Silver
27.27
-0.6%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE