Share

'Izinguquko oKhozini FM ngezayo'

Johannesburg - Umsakazo uKhozi FM maduze luzokwenza izinguquko okwesibili kulo nyaka.

ISunday Sun ibika ukuthi ngenyanga ezayo kuzoba nezinguquko ezinkulu emsakazweni uKhozi FM, ngengoba abanye abasakazi bezokhishwa ngenxa yokwehla kwezibalo zabalaleli.

Kubikwa ukuthi ngenyanga edlule umsakazi weVuka Mzansi uSipho Mbatha, “DJ Sgqemeza”, kanye nomsakazi wohlelo iWoza Nabangani Bakho, uKhathide Ngobe, odome ngelikaTshatha,batshelwe ukuthi kuzomele banyuse amasokisi ngoba siyehla isibalo sabalaleli.

ISunday Sun ikhulume nowayengumdidiyeli weVuka Mzansi, uSandile Mdlalose, othe: “Sekuphele izinyanga ezimbili manje ngagcina oKhozini FM ngenxa yezizathu zami, engingeke ngikwazi ukukutshela zona. Angikajoyini iPower FM okwamanje, engikwaziyo nje ukuthi kuzoba nezinguquko oKhozini FM.”

Funda nalolu daba: Umlingisi uthi ingane yakhe ayizi ukuzombona egula

Omunye umthombo uthe: “Abaphathi sebehlulekile ukusindisa uDJ Sgqemeza noTshatha ekulahlekelweni yizinhlelo zabo.”

Umthombo uthe: “UDJ Sgqemeza noZama abazwani kulolu hlelo lwasekuseni. Akukho nhlobo ukubambisana. Kanti ohlelweni lwantambama abalaleli bayaphoqeleka ukuba balalele izihloko zokusuku ezibhedayo.”

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago ukuphikile ukuthi lesi siteshi somsakazo sizokwenza izinguquko.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 485 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1078 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE