"Eqinisweni lilonke nje ayingiphathi kahle le nto eqhubekayo. Kutshengisa ngokusobala ukuthi abalingisi abavikelekile.
"Kumele kube nezingxoxo ngaphambi kokuthi kuxoshwe abantu. Awukwazi ukumane uxoshe abantu ngoba nakhu befuna ukunyuselwa amaholo," kuqhuba uMbalula ekhasini lakhe likaTwitter.
Uthi yena njengesishoshovu unelungelo lokukhuluma azwakalise izimvo zakhe uma kunokuxhashazwa okuthile kwabantu abangenamkhulumeli, esho.
Ukusho lokhu kulandela indaba engundabamlonyeni yokuxoshwa kwabalingisi abangu-16 abaphambili kulo mdlalo owuchungechunge.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter