Johannesburg – Ayaqina amahlebezi athi isilomo somsakazi weMetro FM u-DJ Sbu umisiwe emsebenzini kulandela ukuhluleka ukubambela uzakwabo uTbo Touch ohlelweni lwakhe iTouchdown Drive.
Imithombo emibili eyahlukene yeDrum idalule ukuhluleka kukaDJ Sbu ogamalakhe langempela nguSibusiso Leope kuphoqe ukuba uSiphokazi January abambe kulolu hlelo isikhathi esingangehora ngaphambi kokuthi kuthathe izintambo umdidiyeli walo.
Ukumiswa kwalo msakazi kuqhamuka ngemuva kokuba engene kolunye ubishi emcimbini wamaMetro FM Awards lapho akhangisa khona isiphuzo sakhe iMo Faya kulo mcimbi ngaphandle kwemvume.