Imithombo itshele abeSunday Sun bathi u-FB uyahluleka ukuziphatha uma esephuze utshwala.
“Le ntombazane ayikwazi ukuziphatha uma ike yaphuza utshwala. Ngesikhathi besazama ukusabalalisa iculo iXigubu, yayisifuna imali ngalowo mzuzu, yize noma yayazi ukuthi kuqhutshwa amakhonsathi amahhala,” kusho umngani kaGanyani ongathandanga ukudalulwa igama.
Umthombo uthi u-FB wafuna ukukhokhelwa ngesikhathi ezwa iculo lidlalwa yonke indawo.
“Udumo lwamngena ekhanda. Into ekumele ayenze ukuthi ayeke phansi utshwala, abumlungele neze, uGanyani usekhathele ingqondo yakhe.”
UGanyani no-FB balile ukukhuluma ngalolu daba.
“Ngiyacela ningalwenzi lolu daba, sengingene kakhulu ekukhulumeni, sengikhathele ukuba semaphephandabeni,” kusho u-FB.
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.