Share

Kungenzeka abuyele kwiGenerations uNgamla

Johannesburg  - Ziya ngokuqina izindaba zokuthi uMenzi Ngubane wodumo lukaSibusiso Dlomo kwiGenerations usezingxoxweni noMfundi Vundla zokujoyina iGenerations: The Legacy!

Ngokubika kweSunday Sun uMenzi obedume ngelikaNgamla kulo mdlalo kunezinsolo zokuthi useke wahlangana noVundla bakhumelana umlotha.

UNgubane ungomunye wabalingisi abangu-16 abakhonjwa indlela kulo mdlalo ngemuva kokukhala ngempatho yenkampani i-MMSV Productions ekhiqiza lo mdlalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uVundla waphumela obala ngokuthi kunomlingisi amsiza ngokumkhokhela izindleko zasesibhedlela kodwa wangalidalula igama lakhe.

Umthombo waleli phephandaba udalule ukuthi ukukhumelana umlotha kukaNgubane noVundla kungaphezulu.

“UMenzi sekuphele izinyanga engasebenzi.

Ngicaba ukuthi impilo isiqala ukuba nzima kuyena njengoba enezidingo okumele azikhokhele,” kusho umthombo. 

OLUNYE UDABA:Ziyabhimba izinto emzini ka'Ngamla'

Uqhube wathi maduze lo mlingisi uzobuyela kulo mdlalo ngoba noVundla waphumela obala ukuthi akananxa noNgamla usengasebenza naye futhi. 

Ethintwa uVundla uthe:

“Angimubambele amagqubu uMenzi. Ungumfowethu. 

Saba nokungaboni ngasolinye nje kuphela.

Uyazi ukuthi ubudlelwano bethu bukuphi,” kusho uVundla.  

Mayelana nokuthi usengaphinde asebenze noMenzi uVundla ukubeke kwacaca ukuthi:

“Ngiyohlale njalo ngizimisele ukusebenza noMenzi.

Ngiyamhlonipha kakhulu.”

Kuleli sonto uMenzi uzwakale ethukile ngalezi zindaba:

“Ngagcina ukhuluma naye ngaphambi kokuthi angixoshe nge-email.

Angazi lutho ngokushintsha kwenhliziyo yakhe muva nje.”

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 420 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 887 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE