isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Kunothile ekhaya likaKholeka

2012-05-31 10:00
Cape Town - Ungafunga uthi umculi wezokholo uKholeka Sosibo unakho konke, ukhiphe i-albhamu yakhe yeshumi, unekhaya elithokomele nomndeni ojabulile kodwa uhlangabezene nezingqinamba endleleni.

I-albhamu entsha kaKholeka Sosibo, esihloko sithi, Kuzodlula, ishisa izikhotha, kubika iDrum.

Lo mculi oseyibambe iminyaka engu-18 kule ndima ukhiphe le albhamu enkampanini yakhe iKholeka Music Productions.

UKholeka wodumo uthi kube wuhambo olunzima ukukhipha le albhamu futhi bekunezingqinamba waze wafika esinqumweni sokuyishiya iBula Music.

“Bengimanqika, kodwa ngabona ukuthi uma abantu befuna ukwazi kangconongami kuzomele futhi bazi lapho ngiphuma khona.” Lo muzi onamagumbi amane okulala uhluke kakhulu kuleli gumbi langemuva uKholeka, 35, ayeliqashile esafika eGoli.

Yinhle indlu yakhe, igumbi lokuphumula linosofa abambala obomvu nomnyama nabayinhlanganisela yesitayela sesimanjemanje
futhi kunemisebenzi yobuciko efulenyiwe ezindongeni.

Ngemuva kwesikhathi silindile uKholeka ufika esehamba nezingane balungiselele ukuthwebula izithombe.

Umuntu ongekho esithombeni ubaba wekhaya, uMbongeni Sosibo, 40, ohlala eMzimkhulu KwaZulu-Natal ngenxa yomsebenzi wakhe wobuthishela nanokuthi unakekela unina osemdala.

“Umyeni wami uyisibusiso futhi ngiyamhlonipha kakhulu," kusho uKholeka.



 - Lolu daba ungaluthola luphelele kuDrum
 

  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)