isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Kuphazamise imvula emijuxuzweni ye-VDJ

Ngu: Mdu Mvubu 2012-07-09 10:01
Durban - Izimvula ezinamandla zangoMgqibelo aziyivimba imicimbi elandele i-Vodacom Durban July.

Emcimbini iMTN’s Fact DBN Rocks, obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium’s People’s Park, izihlwele bezenza into yamehlo zidedelana ngemidanso eyahlukene, kubika iDaily Sun.

Ebusuku bekugcwele abantu abahlobe ngezingubo ezinemibala emihle bezithokozisa.

Bekunomuzwa wenjabulo, abantu bethokozela umculo.

Umculi uDr Malinga yena naye ubeshaya ezikushiya ukhathele.

Kube sekungena noShota naye ozame ngakho konke akwaziyo ukuze agcine abantu bethokozile kodwa kuphethe ngokuthi kugcine yona imvula.

Amakhaza ashubisa umkantsha nesimo sezulu esingesihle sidunge konke.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Su kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


Daily Sun
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)