UWinnie Ntshaba, obesebiza uModise nokuyisibongo somyeni wakhe asanda kuhlukanisa naye uThabo Modise, udlala indawo kaKhethiwe.
Uma umbheka, ubukeka ehlile emzimbeni futhi emncane kuneminyaka yakhe yangempela, engu-37, kusho abezindaba zeDrum.
Ngokusho kwakhe, baningi abantu abafafaze amanga ngokwehla kwesisindo sakhe, nokho uthi lokho akakugqizi qakala.
“Ngikwazi konke ebebekusho ngokuncipha kwami emzimbeni, kungamanga," kuzikhulumela uNtshaba.
Izinkinga emndenini wakwaModise kwabikwa ukuthi zaqala ngonyaka ka-2011, ngesikhathi kudlondlobala uNtshaba emsebenzini wakhe.
UNtshaba wakhuluma nabezindaba, ethi umyeni wakhe ugcwele ukuzenyeza.
"UThabo uyazenyeza, akakwazanga ukumelana nempumelelo yami. Ngonyaka ka-2011 ngamthengela unyanyavu lweMercedes, ngizama ukumjabulisa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya," kuchaza uKhethiwe enkulumweni yakhe aba nayo nephephabhuku, esangunkosikazi.
- Thola udaba oluphelele kuDrum.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.