Johannesburg – Uphele sekunesidumbu umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa wesihlabani somrepha wodumo waseNingizimu Afrika, ngokusho kombiko.
Ngokubika kweTimeslive uLawrence Ledimo oneminyaka oneminyaka engu-27 ubudala uhluleke ukunyathela kahle emastebhisini washibilika wayosakazeka phansi esuka esitezi sesikhombisa washona ujuqu.
Iphephandaba iSowetan ngoLwesithathu libike ukuthi uLedimo ubengomunye wezinkumbi zabantu ebezihambele umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa lomrepha uReason obuseKoolin In The City.
OLUNYE UDABA: Owe-OPW: 'Ngizofika nesitayela sami nje kuphela"
“ULawrence ubephuma endlini yangasese ngenxa yokuhaqwa yinjabulo uqoke ukushelela onqanqameni lwezitebhisi kunokwehla ngendlela ejwayelekile ezitebhisini,” kuchaza uBanesa Tseki obengomunye wabahleli balo mcimbi.
Kubikwa ukuthi uReason usewuvakashele umndeni kaLedimo ukuyozwakalisa ukuzwelana nawo kulesi sikhathi sobunzima obhekene naso.
UPearl Thusi ongumethuli wezinhlelo obengumphathi wohlelo kulo mcimbi uthe lesi kube yisigameko esishaqisa kakhulu kubantu abebehambe lo mcimbi.
Kuthiwa lo mcimbi kuphoqeleke ukuthi usheshe uphele ngenxa yokuthi bese kuphume umphefumulo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho