UBareng kuthiwa usepakishe amasakana akhe washiya umuzi abehlala kuwo noDladla oseWoodmead, eSandton, kubika iDaily Sun.
Kuthiwa usola uDladla ngokungasibheki isiketi nokuthanda ubumnandi kuze kweqe.
Iphephandaba iSunday Sun libike ukuthi uBareng ulaxaze uDladla ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili beshadile.
Abangani baBareng bathi uDladla ungumuntu onamanga kanti enjalo nje uqonywa mihla namalanga.
Umtho,bo osondelene nalezi zithandani uthe: "UJosta washintsha mhlazane ebekwe icala lokusebenzisa isikhuthazi esingavunyelwe. Uhlezi eqamba amanga ngokuthi ukuphi futhi uqonyiwe.
“Kwesinye isikhathi uzijuxuza kuze kuse emnyango."
Lezi zithandani azitholakalanga ukuba ziphawule.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook