USphumelele Mbambo ushade isikhathi esingaba wunyaka noSakhile “DJ Kiteng” Mthembu.
USphumelele utshele abezindaba zeDaily Sun, wathi umshado wakhe wafinyelela kwangqingetshe ngenyanga ka-Ephreli ngonyaka owedlule.
“Umyeni wami wahamba wangishiya, wathi usekhathele ukwenza izinto ezingiphatha kambi ezifana nokuqonywa.
"Bekubuhlungu ukwehlukanisa, ngakwenza kwaba yimfihlo nokho sengingcono,” ezikhulumela.
“Ngisakhona emzini wethu, uSakhile waphuma wabuyela kubo. Umndeni wakhe uyazi ukuthi sesihlukanisile kodwa ngisasaba ukutshela owami umndeni ngoba angazi ubaba uzokwamukela kanjani lokhu.”
Lo mculi uthi umyeni wakhe ubengawuhloniphi umshado wabo, uthi uma engase avume amaphutha akhe, bangabuyelana.
Iphephandaba libuze uMthembu, wazivumela ngowakhe ukuthi ubengathembekile kumkakhe.
“Bengiqonywa, wonke umuntu uyakwazi lokho. Ngiyazisola ngakho konke engikwenzile, namanje ngisamthanda. Yize noma sihlukanisile, kimi usangumkami.”
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.