Share

Kuvungame iTwitter umsakazo unqaba ukudlala ingoma

Johannesburg –Kuvungame inkundla yezokuxhumana iTwitter kuvela izindaba zokuthi isikhondlakhondla somsakazo iMetro FM ngeke siyidlale ingoma kaCassper Nyovest esihloko sithi 'Dust2Dust'.

Ngokubika kweSunday Sun zisale zijulukile izikhulu zalo msakazo ngemuva kokulalela le ngoma njengoba sekunemibiko ethi ngeke idlale kulo msakazo.

Kubikwa ukuthi izikhulu zibona le ngoma igxila kakhulu ezindabeni eziyimfihlo futhi iyahlambalaza.

Ukuvela kwalo mbiko kudale umsindo kulo enkundla yokuxhumana njengoba abanye bebehambisana nesinqumo salo msakazo kanti abanye bakhelile ngalesi sinqumo.

OLUNYE UDABA: OweKwaito usaluphika olwe-speedpoint

"Kumele vele bangayidlali! iwudoti, ziningi izingoma ezingcono ngaphandle,"kushicilela u@Nathi_ismyname.

"IMetro FM ayizazi ifuna ukwenzani manje sekunguCassper onephutha ngalokhu akushilo kwiDist2Dust kodwa kwakukuhle okwashiwo u-AKA?" kubuza omunye kule nkundla u-@LebogangPirates.  

Nakuba le ngoma isike yazwakala izingxenye zayo kulo msakazo kodwa umbuzo osele wukuthi kumele yini ibe yingxenye yezingoma ezidlala kuwona.

Okuhlukumeza abantu kakhulu wukuthi eka-AKA iyadlala kulo msakazo kodwa ishaywa indiva ekaCassper. 

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 513 votes
No! It's time to move on ...
35% - 271 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.1%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.42
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.42
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
930.20
+0.5%
Palladium
995.00
+0.5%
Gold
2,335.16
+0.1%
Silver
27.50
+0.2%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE