Johannesburg – Abaculi abafana noBrown Dash, Zombo Brenda Fassie, Mahlathini nabanye abaningi babedume iNingizimu Afrika nakwamanye amazwe kodwa nakuba kunjalo badlula emhlaben benganalutho.
UNgqongqoshe wezokuThuthukisa koMphakathi uBathabile Dlamini utshele iCity Press ukuthi uhulumeni usezinhlelweni zokusungula isikhwama sempesheni yabaculi ukuze bakwazi ukuhlomula uma sebethathe umhlalaphansi emculweni.
Ungqongqoshe uthe lesi sikhwama sempesheni sizophinde sihlomulise nabantu abanamatafula abathengisa emgwaqweni nalabo abanamabhizinisi amancane.