U-Azania Mosaka obethula uhlelo iPower Lunch usesulile emsebenzini wakhe emsakazweni oseGoli selokhu waqala ngoJuni ngonyaka ophelile, kubika iM&G.
Abanye abasakazi asebewushiyile lo msakazo uSiki Mgabadeli, uMcIntosh Polela, uChris Vick, u-Asanda Magaqa, noEusebius McKaiser.
Iphephandaba libike ukuthi abasakazi basule emsebenzini ngenxa yokungavumelani ngezinkontileka ekubeni abanye babengazange banikezwe inkontileka ngesikhathi bengena kulo msakazo.
UMosaka uthe isinqumo sakhe sokushiya saqokwa wukuthi usefuna ukubhekana nebhizinisi lakhe.
OLUNYE UDABA: Useyinxusa umsakazi we-5FM
"Namuhla ngizobe ngizwakala okokugcina emoyeni kulo msakazo. Ngifuna ukubhekanA nebhizinisi lami."
UMosaka uphinde wathi ubephatheke kahle emsebenzini wakhe kodwa manje usefuna ukukhulisa kahle ibhizinisi lakhe lezinzipho elifuna isikhathi sakhe sonke.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter