Johannesburg-Akusiyo imfihlo ukuthi isihlabani sakumabonakude sodumo lukubhushuzela nqunu uPam Andrews sidansela isigingci saso.
Emasontweni ambalwa ivideo yeculo likaPam iYeah ladala izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mlingisi owayedlala emdlawleni wakumabonakude iRhythm City usezithole engundabuzekwayo ngezizathu ezingaphusile kodwa lokho akumhluphi nakancane njengoba abantu bezibuza ukuthi ngabe ubhema izidakamizwa na uPam.
OLUNYE UDABA:'Angazi ngithandani phakathi kokudla nocansi'
Ekhuluma nabephephabhuku iDrum uPam uzichithe zonke izinsolo wathi akabhemu futhi akabuphuzi notshwala.
"Ngiyazihlanyela nje mina sidalo sami, angibhemi furhi angizithinti nezikaFaro, selokhu ngazalwa nginje," kusho uPam.
Upam uqhube ngokuthi akakubheki ukuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana uma eqeda ukufaka isithombe ebhale okuthile.