Los Angeles - Isihlabani somculo weRnB saphesheya kwezilwandle uRihanna sizivumele ngokwaso ukuthi siyilenhlobo elulangazelelayo ucansi kodwa esingahambe silala nanoma ngubani.
Lesi sihlbane seculo iStay esake sathandana nomculi uChris Brown nomrepha uDrake sithe ukungalwenzi ucansi kusishiya siqhanyelwe kodwa yize kunjalo akalali nenqwaba yamadoda angawazi.
OLUNYE UDABA: Usho ukuhamba nqunu nqu uRihanna
URihanna ekhuluma nabephephabhuku iVanity Fair uthe: “ Kade ngalugcina ucansi kanti futhi angithandani namuntu. Angifuni ukuvuka ngakusasa ngizisola ngokulala nomuntu ngenxa yokululangazelela, kubika iTimeslive.
“Ngiyalulangazelela ucansi, ngingumuntu, ngingumuntu wesifazane, ngiyafuna ukwenza ucansi kodwa ke ngizokwenze njani? Ngizolala nendoda ethuize ukufezekisa inkanuko yami mase ngivuka ngizisola ngakusasa, Cha!
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho