Johannesburg - Ngemuva kokususa umsindo enkungxeni yezokuxhumana u-Twitter ngokuphawula kwakhe mayelana nomgomo wolimi eStellenbosch University, umsakazi weMetro FM, u-Unathi Msengana usexolisile.
NgoLwesithathu , iMetro Fm ikuqinisekisile ukuthi uMsengana umisiwe emsebenzini ngokuphawula kwakhe kabi ku-Twitter.
“Ezinsukwini ezimbili ezedlule, emsakazweni, ngazwakalisa uvo lwami ngomgomo wolimi olisetshenziswa eStellenbosch University, kusho u-Unathi.
“Ngemuva kwalokho umbono wami kwaphikiswana ngawo ku-Twitter.”
“Ngeshwa abanye abantu bangigxeka ngendlela yokuthi ngaze ngaphatheka kabi kakhulu ngazizwa sengathi mina akuvumelekile ukuba ngizwakalise imizwa yami.”
Funda nalolu daba: IMeya ye-ANC igxeke ubutabane esidlangalaleni
“Kwangithusa ukuthathwwa njengesishoshovi esigquqguzela ukudlwengula, ukungalingani ngokobulili ekubeni ngingumuntu olwela lezi zinto.”
“Ngaleyo ndlela, sengibonile ukuthi ngagcina ngizivikela ngendlela engafanele,” kuqhuma u-Unathi.
“Kodwa noma ngabe ngangidinwe kanjani ngaleso sikhathi, kwakungamele ngikhulume kabi. Ngakho ngicela ukxolisa ngamazwi ami engawasho.”
“Kusukela manje, nakuba ngingeke ngikwamukele ukuhlukunyezwa ku-Twitter uma ngizwakalisa umbono wami, sengizocabangisisa engikushoyo uma ngisenkundleni yezokuxhumana.”
“Ngibonga labo ebelokhu bengeseka,” kuphetha u-Unathi, kubika iSundayWorld.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.