Johannesburg - Isangoma uMjeyi Msomi sidayisa umuthi wokuvusa induku nowokusiza abantu ngokuthola imisebenzi sihamba nezinyoka ezintathu kanti sithi lezi zinyoka zingokhokho baso.
Lesi sangoma sigaxa ezimbili emqaleni kanti eyodwa isuke ishushuluza phansi onqenqemeni lomgwaqo uma siyokwenza umsebenz emgwaqeni.
Abanye abantu abafuni ukusondela eduze kwalesi sangoma ngoba besaba izinyoka.
“Angeke zize zingenze lutho mina ngoba zingokhokho bami futhi ziyangivikela kokubi,” kusho lesi sangoma.
UMjeyi uthe udayisa imithi yakhe emarenki ngoba baningi kakhulu abantu kulezo zindawo.
OLUNYE UDABA: Isangoma sisobishini kulandela olwamaqembu ezigebengu eTwatwa
UMjeyi udayisa erenki yaseBekkersdal eWestonaria njalo ngesonto kanti usizwa yigobela lakhe uBongani Ngcobo.
UMjeyi usebenzisa isipikha esikhulu ukubiza amakhasimende akhe ukuze ezothenga uumuthi wokuvusa induku nezinye izinkinga.
“Uma ufuna umsebenzi oseqopheleni eliphezulu, singakusiza.
“Ngemali engu-R100 ungazithola usuyisikhulu esiphezulu enkampanin ethize.”
UMjeyi uthe usebe yisangoma iminyaka emithathu futhi izinyoka ezimfaka emakethe, zingilethela inhlanhla.
“Intombi yami ayizisabi izinyoka futhi iyazihlonipha ngoba iyazi ukuthi azenzani lutho futhi siphila ngazo, kubika iDaily Sun.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter