UDanke ubedlala indawo kaDineo Mashaba.
ISunday Sun ithi nokho akekho owaziyo ukuthi ngubani ubaba wengane.
“UKatlego ujabule, uyazama ukufunda ukuze abe ngumama oqotho endodaneni yakhe,” kusho umngani wakhe.
Omunye umngani wakhe uthi uDanke ukuphoxa ugoqane uma uke wambuza ngobaba wengane yakhe.
OLUNYE UDABA: Babeke phansi amathuluzi abe-Generations
Lo mlingisikazi waxoshwa kanye nabanye abangu-15 kuGenerations ngemuva kokungenela isiteleka bekhala ngamaholo nezimo abasebenza ngaphansi kwazo.
“UKatlego akasenandaba nokuxoshwa kwakhe kuGenerations, uzinakele ingane yakhe manje,” kuqhuba umngani wakhe.
Ethintwa uDanke akazange atholakale.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter