Johannesburg – Kulindeleke ukuba abonakale amdlalweni wochungechunge umethuli wohlelo lwezingane iCraze kwi-etv uZola Hashatsi.
Ngokubika kwe-Drum uHashatsi uzobonakala emdlalweni iRhythm City lapho ezodlala khona indawo kaShakes ongumshana kaMr Zondi.
Phambili uHashatsi uke wabonakala kwifilimu ekhonjiswa ngaphansi eKasi Stories esihloko sithi Do or Die lapho edlale khona indawo kaTumisang.
OLUNYE UDABA: Bakhala ngezithombe zoweRhythm City enqunu
Kubikwa ukuthi uHashatsi akuyena yedwa umlingisi omusha ozobonakala kulo mdlalo njengoba kulindeleke no-Ian Paton ongumlingisi wodumo noMzamo Gcabashe ozakhele udumo kwiBig Brother Mzansi.
Abaqondisi balo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu baveze ukuthi bazobuyisa nobuso obudala kulo mdlalo uShado okuyindawo edlalwa nguSamela Tyelbooi, uTumie Ngumla weClass Act, u-Elliot Makhubo noJosias Moleele ukubala abambalwa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho