Polokwane – Isihlabani somculo weKwaito uCandy Mokwena ungomunye wabaculi abaqokiwe emcimbini wokuqala obizwa nge-Film, Arts and Entertainment (FAME) Awards ngokusho kombiko.
UMokwena uqokwe emikhakheni iBest Female Artist neBest Dance Artist.
Ngokubika kweSowetanlive lo mculi akakwazi ukufihla ukujabula kwakhe ngokuqokwa kula ma-awrds ahlonipha abasemkhakheni wezikaqedisizungu eLimpopo.
“Lokhu kusho lukhulu kimina. Kuyasikhuthaza njengabanandisi ukuthi siqhubeke nokuphokophela phambili.”
OLUNYE UDABA: UTeko Modise ufuna kuvalwe uhlelo lukamabonakude
Emkhakheni weBest Female uMokwena ubanga noWinnie Mashaba, Maduvha, Fiesta Black noJudith Sephuma kanti kwiBest Dance ubanga noDJ Ganyani, Da Capo, Chynamusique, Raps Vhafuwi noFiesta Black.
UMokwen uthe uma enqoba kule mikhakha uzonikela endaweni adabuka kuyona eGa-Sedibeng lapho izinto zokuchitha isizungu ezinganeni zingekho.
Umkhakha ozobe ubhekwe ngabomvu kulo mkhakha ngoweBest Entertainer kanti kuwona kubhekwe osaziwayo bodumo okubalwa kubo uRami Chuene, Clement Maosa, Mashabela Galane noGabriel Temudzani.
Kulindeleke ukuthi lo mcimbi wama-award ubanjwe ngomhlaka 9 kuMeyi kanti wasungulwa usomabhizinisi uMatodzi Makananisa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho