UManyisa, 26, kuthiwa waqala ukujola nale ngane ngaphambi kokuba ashade nomama wengane yakhe uJahanna Louw ngasekuqaleni kwalo nyaka, kubika iDrum.
Umakhwapheni, uThato Makgaka, 19, kubikwa ukuthi usenezinyanga eziyisithupha ezithwele.
Lokhu kungadala ukuthi aphucwe isicoco sokuphuma unombolo 2 kuMiss Soweto ngoba imithetho yalo mncintiswano ayimvumeli ukuthi akhulelwe ngonyaka awine ngawo.
OLUNYE UDABA: OweChiefs ezinsolweni zokukhulelisa ishende
Ebuzwa ngalokhu, uMakgaka uphikile ukuthi le ngane ayithwele ngekaManyisa.
Imithombo esondelene nalezi zithandani ithi laba kade baqala ukuthandana, uManyisa ushadelwa nje uMakgaka ubevele ekhona.
Othe umele uManyisa, uThato Moloto, uphawule wathi: "U-Oupa akafuni ukuphendula imibuzo yenu. Niyamhlukumeza. Ngokwazi kwami uThato akakhulelwe," echaza.
Abazali baManyisa bathe abazi ngane ezayo, bona bazi ingane kaManyisa nonkosikazi wakhe kuphela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho