Johannesburg - UMary Twala okubikwe ukuthi akaphilile kahle kulandela ukuhlinzwa kwakhe okungahambanga kahle, uthi indodana yakhe kunzima ukuyithola.
UMary Twala ongumama kaSomizi Mhlongo, uthi leli jaji lama-Idols liyazi ukuthi uyagula kodwa ngenxa yomsebenzi alikwazi ukuzombona.
“Angimtholi ngisho [ngimfonela] eseluleni yakhe. Kodwa kungcono ngoba uyanginika imali yokuthi ngibonane nodokotela abazimele.”
Funda nalolu daba: Ubonakale ecasha esibhedlela umlingisi wodumo
IDrum ithi yambona uSomizi Mhlongo emngcwabeni ka-R Masesha eThekwini kodwa akafunanga ukukhuluma ngale Ndaba.
“Bheka ngisematasa kakhulu ngizama ukulungisa izinto nesimo sempilo yami, ngeke ngikwazi ukunaka amahlebezi,” kusho uSomizi.
“Angifuni abantu baqagule ngesimo sempilo kamama ngoba lokho kuzongcolisa igama lami.”
“Futhi-ke isimo sempilo kamama wudala lwangasese,”usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.