Johannesburg - Kubikwa ukuthi asephenduke inkukhu nempaka amalungu eqembu lodumo iBongo Maffin uStoan Seate noSpeedy Mtlhaku njengoba sekuphele cishe izinyanga ezimbili engakhulumisani.
Ngokubika kweSunday Sun laba baculi bebengahlukani kwazise bebengobhululu abakhulu futhi bejwayele ukubonakala ndawonye ezindaweni ezahlukene kodwa manje abasabhekani nhlobo.
Umthombo waleli phephandaba uthe wathuka kabi ngesikhathi ebona laba baculi emcimbini wamaMetro FM beme ngokuhlukana.