UNgubani ubeyisivakashi emenywe ngabeLwazi Group ebiyonikela ngezipho eKhalawemuke Primary kanti ubephelezelwa ngumkakhe uSikelelo Dlamini-Ngubane.
Lo saziwayo kusanda kuvela ukuthi wehlukanise nonkosikazi wakhe weminyaka uLerato Sedibe, kubika iphephandaba i-Eyethu News.
UNgubane ube esekhuluma wacacisa ngokuthi usenonkosikazi omusha.
OLUNYE UDABA: Inzima impilo kwiGenerations - Ngamla
Umbizile wathi akazobingelela abantu khona bezobona lo muntu akhuluma ngaye.
Uphinde weluleka abafundi ukuba bangasiyeki isikole ngoba imfundo ingukhiye wempumelelo.
Unxuse abanye osomabhizinisi ukuba benze njengoMnuz Bongani Mabizela oyisikhulu esiphezulu kuLwazi Group onikelele lesikole ngama-laptop, ijezi lebhola, izikhwama nokunye.
Unxuse umphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa ekunqandeni ubugebengu, nokuthiwa sekuyinto eyinsakavukela kuleli lokishi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho