Johannesburg - Isihlabani somculo esakesabonakala emdlalweni owawuwuchungechunge kumabonakude iGenerations ku-SABC1 edlala indawo kaMJ, u-Anga Makubalo, ukhuza ibuya kumabonakude.
U-Anga waxoshwa nabanye abalingisi beGenerations abangu-16 ngonyaka ophelile.
Ngaphambilini ekhuluma nabeDrum u-Anga wathi usefuna ukugxila emculweni wakhe kodwa manje kuyabamangaza ukuthi useyabuya futhi kumabonakude, yize kunjalo kuyajabulisa.
OLUNYE UDABA: Omunye umculi wodumo ubuyela kwiRhythm City
U-Anga uzodlala emdlalweni omusha ku-e.tv iZibondiwe edlala nenkakha kwezokulingisa eyake yadlala emdlalweni owawuyintandokazi kuleli iYizo Yizo, u-Israel Makoe, nowayedlala kwiZone 14 uBongani Maseko.
Esinye sezikhulu zakwa-e.tv u-Andrew Ledwaba ukuqinisekisile ukuthi kuzoba nomdlalo omusha ozoqala ukubonakala maphakathi nenyanga kaMeyi.
ULedwaba uphinde wathi imininingwane egcwele izolandela maduze.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho