Johannesburg – Siwuqala ngonyawo oluhle isihlabani sakumabonakude uThando Thabethe lonyaka njengoba esezobonakala kumdlalo wakumabonakude iGenerations: The Legacy.
UThando usengomunye wabalingisi bakuGenerations: The Legacy ngokuphelele.
UThando uzobe edlala indawo kaNolwazi okuyintombazane ekhulele elokishini.
UThando ungomunye wabalandeli abaqotho balo mdlalo kanti uyakujabulela ukuba yingxenye yalo mdlalo.
"Ngijabule kakhulu njengoba ngizojoyina lo mdlalo owuchungechunge ikakhulukazi ngoba usubuye kabusha usuyiGenerations The Legacy," kusho uThando.
OLUNYE UDABA: Uzobonakala ku-Rhythm City owayekuGenerations
Lesi sihlabani sesibonakale emdlalweni eminingi yakumabonakude efana ne: Mzansi Love: Kasi Style, Intersexions, My Perfect Family, Kowethu, kanti manje usezoba ngomunye wabalingisi beGenerations: The Legacy.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter