Johannesburg – Kubukeka sengathi akekho oyophumelela ekufakeni unyawo olunodaka enjabulweni kaNonhle Ndala nomdlali webhola u-Andile Jali.
Lezi zithandani zivuse imvunge ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi uNdala efaka izithombe abezithathe nomndeni kaJali eMatatiele.
OLUNYE UDABA: Kuqhume impama kulwa oka-Jali nokaParker emsakazweni
Ngokufunda imibhalo ehambisana nezithombe, kucacile ukuthi uNdala usamukelwe ngokusemthethweni ngumndeni wesoka lakhe, ngokosiko lwesiXhosa.
"Okokuqala abesifazane bayangamukela emndenini bese bengipha igama. Elami lithi 'Zu'Sakhe’.
“Kubalulekile ukuzigqaja ngamasiko ethu. Iyamangaza indlela abaseseka ngayo nabasithanda ngayo. Kuzobanzima ukushiya le ndawo esengiyibiza ngekhaya,” kusho uNdala ebhala ku-Instagram wakhe.