Los Angeles – Kuthiwa uphume engakhokhanga endaweni yokudla uBritney Spears nesoka lakhe.
Lo mculi kanye nesoka lakhe, uDavid Lucado, kubikwa ukuthi baphume e-The Cheesecake Factory eThousand Oaks, eCalifornia ngemuva kokuqeda ukudla, bakhohlwa ukukhokha.
Kodwa imithombo ithi lo mculi oneminyaka engu-32 ubudala wenze iphutha watshela i-TMZ.com ukuthi uyazisola ngesenzo sakhe.
Lezi zithandani, ezaqala ukujola ngoMashi 2013, zithenge ama-starter kanye nesaladi ngaphambi kokuba lo mculi atshele u-weta ukuthi unogada wakhe uyena ozokhokha u-$30, bona baphuma bahamba nokudla obekusalile.
Kodwa onogada abazange bayikhokhe imali njengokuba ebecabanga uBritney.
Imithombo ithi uBritney noDavid sebacabanga ukuba nengane ndawonye.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.