Share

UChris Brown uphushe ngesihluku ozame ukumqabula

New York – Kuthiwa umculi waphesheya uChris Brown uphushe ngesihluku owesifazane ongumlandeli ozame ukumqabula ngesikhathi esendaweni yokujuxuza eHouston.

Ngokombiko we-Drum uBrowm ubenandisa kule kilabhu ngempelasonto.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngesikhathi uBrown noKerreuche Tran behamba phakathi kwesixuku sabathandi bobumnandi abebephume ngobuningi kule ndawo yokujabula.  

OLUNYE UDABA: Usazobhadla uChris Brown

Umbiko uveza ukuthi owesifazane ungene phambi kuka Brown obeqashwe ngabaqaphi bakhe wazama ukusondeza umlomo wakhe nokuyilapho lo mculi emphushele ecele kanzima ngesikhathi abanye besifazane bebehayiza yinjabulo yokubona lesi sihlabani.

Kuvela ukuthi lona wesifazane akalimalanga kulesi sigameko kanti asimcasulanga lesi senzo kulo mculi njengoba eqhubekile nokujuxuza nabanye abesifazane abahambisana nabo kulo mcimbi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBrown usanda kubhadla ejele isikhathi esingangezinyanga ezintathu ngecala elihlobene nokuhlukumeza owayeyisithandwa sakhe uRihanna.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 397 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 561 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE