Share

UChris Brown uthi basazoba ngabangani noRihanna

New York  - Isihlabani somculi wase-US uChris Brown sesiphumele obala sathi sikholelwa wukuthi sisazoqhubeka nokuba wumngani noRihanna nakuba amshaya ngo-2009.

Ngokombiko we-Timeslive lo mculi oneminyaka engu-25 ubudala usanda kuqeda isigwebo sezinyanga eziyisithupha zokwenza umsebenzi womphakathi walengiselwa emihlanu ngokushaya uRihanna  naye ongumculi. 

Kubikwa ukuthi lo mculi uthe ukholelwa ekutheni kuyohlale kukhona into ebahlanganisayo futhi unethemba lokuthi bazoqhubeka babe ngabangani ngokuhamba kwesikhathi. 

OLUNYE UDABA: UBrown uphumele obala ngokubhadla ejele

Ekhuluma kwi-Access Hollywood uthe:

“Mina noRihanna singabangani. Siyazwana kakhulu ayikho inking.

Sesibe ngabangani iminyaka engaphezulu kweyishumi futhi angiboni ukuthi  lokhu kuyoke kushintshe,” kusho lo mculi oyintandokazi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uke wachitha izinsuku ezingu-108 ebhadle ejele ngemuva kokusabisa ngokusebenzisa izibhamu zakhe ngesikhathi esalengiselwe iminyaka ngamacala abebhekene nawo.

Phambilini uBrown uveze ukuthi ufunde lukhulu ngesikhathi esengaphakathi ejele futhi ukubona lokhu kwenzeke ngesikhathi esifanele empilweni yakhe.

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 467 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1017 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE